Sekwanele lyrics

by

Queen Lolly


[Intro: Jumbo:]
Baba, bavikele
Laba bantu, Nkosi yami, uze ungavumi nabo
Baba, bavikele
Sekwanele

[Verse 1: Queen Lolly:]
Dear Phepha lami
Sondela ngikhulume nawe
Hleze wena ungangilalela
Ngoba akekho ofuna ukungilalela
Ngithi dear Phepha lami
Sondela ngikhulume nawe
Hleze wena ungangilalela
Ngoba akekho ofuna ukungilalela
Ngihlangane nomuntu
Lo muntu uthe uyongisiza
Kodwa manje useyimpica
Ngoba manje lo muntu usefuna uthando kimi
Ngaze ngalithwala icala labanye abantu
Ngaze ngayifela izono zabanye abantu
Oh Nkosi yami, vikela le nhliziyo yami

[Verse 2: Ntencane:]
Kanti iyophela nini na
Le nto yokuhlukunyezwa kwabanye abantu?
Ubani oyoyiqeda le nto?
Le nto iyawuhlukumeza umoya wami
Kanti iyophela nini na
Le nto yokuhlukunyezwa kwabanye abantu?
Ubani oyoyiqeda le nto?
Le nto iyawuhlukumeza umoya wami
Kanti ubani obavikelayo?
Aseshonephi amadoda aqotho?
Aseshonephi amadoda
Ayemhlonipha umuntu wesifazane?
[Chorus: Ntencane:]
Sesiphila esikhathini esinzima
Siphila nabantu abangasenanembeza
Lamula, Nkosi, laba bantu abanamandla okulwa
Sesiphila esikhathini esinzima
Siphila nabantu abangasenanembeza
Lamula, Nkosi, laba bantu abanamandla okulwa

[Post-Chorus: Jumbo:]
Sekwanele manje
Sekwanele manje
Nkosi
Kodwa abantwana bakho bekhala

[Chorus: Ntencane & Queen Lolly:]
Sesiphila esikhathini esinzima
Siphila nabantu abangasenanembeza
Lamula, Nkosi, laba bantu abanamandla okulwa

[Reprise: Jumbo:]
Abanye babo bayadlwengulwa, Nkosi yami
Abanye babo niyabahlukumeza
Hhawu yini, yini?
Pheza manje, Nkosi

[Chorus: Ntencane:]
Sesiphila esikhathini esinzima
Siphila nabantu abangasenanembeza
Lamula, Nkosi, laba bantu abanamandla okulwa
[Outro: Jumbo, Queen Lolly:]
Baba, bavikele
Laba bantu, Nkosi yami, uze ungavumi nabo
Baba, bavikele
Sekwanele

Heyi, ye
Bendikwethemba kanti udlala ngami
Bendikwethemba kanti udlala ngami
A B C D E F G H I J K L M N O P Q R S T U V W X Y Z #
Copyright © 2012 - 2021 BeeLyrics.Net